Inhloso yale nkonzo ukusiza amalunga omphakathi ukuthi akwazi ukubika izikhalazo kwabophiki oluzimele lwezikhalazo abe-Independent Complaints Directorate . Uma ufakela isikhalazo nabehhovisi likazwelonke le-ICD, udaba luzothunyelwa kwihhovisi lesifundazwe ukuze kuphenyisiswe.
Isikhalazo se-Class III Isikhalazo esibeka ukuthi iphoyisa noma amaphoyisa enze icala elibangele ukulimala kakhulu komzimba okuze kwabangela ukuthi umuntu ayokwelashwa esibhedlela. Lokhu kungaziphathi kahle noma icala kumele lenzeke ngesikhathi umuntu engaphansi kogcini lwamaphoyisa noma eboshwe ngamaphoyisa.
Ukusetshenziswa kabi kwamandla okunomphumela emphakathini ngokulandela ukulimala okubangekile; inani labantu abathintekile; inani lemali ethintekile; noma isikhathi lokhu okwenzeke ngaso.
Izikhalazo zezenzakalo ezenzeka kungakasungulwa i-ICD, isibonelo, zonke izinto ezenzeka ngaphambi kuka-Epreli 1997. Kanti futhi nezenzakalo ezenzeka esikhathini esingaphezulu konyaka ngaphambi kokuba zibikwe kwabe-ICD, ngaphandle kokuba kunezimo ezingavamile.
Ukuze uthole olunye ulwazi olunabile, ngena kwi-website yabe-Phiko oluziMele lweziKhalazo.
Fakela isikhalazo ngokwako uqobo, ngokushayela ucingo, ngencwadi, noma nge-email ehhovisi eliseduzane nawe le-ICD. Zonke izikhalazo kumele zifakelwe ngesikhathi samahhora okusebenza, esikhathini esiphakathi kuka-8h00 kanye no-16h30.
Abe-ICD bangakucela ukuthi unikeze ngolunye ulwazi ngaphambi kokuba kuphenyisiswe ngesikhalazo.
Uma uzizela wena mathupha, uzokhulumisana nobhekene namakheyisi noma umhlaziyi.
Ukwamukela isivakashi okwenziwa yiklayenti kungathatha cishe imizuzu emihlanu noma amaminithi amahlanu.
Ukwamukela isikhalazo ngokubhala kungathatha cishe izinsuku ezingu-30.
Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.
